Amagama ezindawo, ngamagama ayizinkomba nezimpawu emhlabeni angawemvelo noma athiwe ngabantu abe esehlelwa. Lezi zinkomba nezimpawu kungaba ngezinabantu noma ezingenabantu.
Amagama ezindawo awela ngaphansi kwegunya lohulumeni bezindawo, abandakanya imigwaqo, amabhilidi omasipala nezikwele , amapaki endawo kanye namangcwaba, kanye namabhilidi angawabantu ziqu. Amagama ezindawo awela ngaphansi kwegunya likahulumeni kazwelonke, abandakanya amadolobha, izindawo zokuhlala eziseduzane nedolobha , izindawo zokuhlalisa abantu , ammahhovisi amaposi, iziteshi, izikhululo zezindiza (aiports), izikhululo zemikhumbi (harbours), ama-highway, kanye nezindawo zemvelo zemihlaba (natural landforms) ezifana nezintaba, imifudlana (streams), imifula, amatheku (amabheyi), izinhlonhlo (amaphoyinti angenela olwandle), iziqhingi (islands), amaxhaphozi (wetlands) kanye namapaki kazwelonke.
Ngu/Ngobani abangenza isicelo sokwamukelwa kwegama: Yonke iminyango kazwelonke yohulumeni, ohulumeni bezifundazwe , ohulumeni bezindawo, abe-South African Post Office , abakhi nabathuthukisi beprophathi, noma yiyiphi enye inhlangano noma umuntu.
ulwimi igama elisuselwa kulo isisusa sencazelo yagama uma usazi inhlobo yegama elihlongozwayo, isibonelo, ihhovisi leposi noma isiteshi sikaloliwe idistriki kaMantshi noma isifundazwe lapho indawo etholakala khona ngabe ikude kangakanani noma iqonde ngakubi, inhlobo etholakala kuyo maqondana nedolobha eliseduzane noma indawo kamantshi eseduzane.
Fakela imephu kasayizi we-A4.
Fakela igama lomuntu ophakamise igama elisha.
Kukhona isikhathi sokulinda esicishe sibe izinyanga ezine.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
